Obengumqeqeshi weTS Galaxy uSead Ramovic udalule ukuthi cishe ibalelwa kuR40 million imali eyenziwe yiqembu ngabadlali abadayisiwe kumasizini amabili adlule.
URamovic uveze lokhu ekhuluma nabezindaba ngoLwesithathu ngemuva kokwesula esikhundleni sakhe sokuba ngumqeqeshi weqembu ngemuva komunye umdlalo ongahambanga kahle.
IThe Rockets ikunombolo 16 kwiBetway Premiership, ayikanqobi nowodwa umdlalo kule sizini ngemuva kwemidlalo eyisithupha. Izolo ibambane neStellenbosch FC ngo 1-1, kwahlukana inhloko nesixhanti phakathi kumqeqeshi neqembu.
“Ngesikhathi ngifika kuleli qembu lalisezansi, lisezinkingeni. Ngafika nethimba lami labaqeqeshi saba neminyaka emithathu emihle,” kuchaza yena.
“Sizuze okuningi engizokukhumbula, sidlale ibhola elihle sanqoba imidlalo ngendlela emangalisayo. Sidayisele amaqembu amakhulu kwiligi abadlali abawu-12. Uma ngingekho ephutheni ngicabanga ukuthi iqembu lenze uR40 million lidayisa abadlali kumasizini amabili adlule.
“Ekugcineni ngiwumqeqeshi ofisa ukunqoba okuthile. Uma sizodayisa uhhafu weqembu njalo ngonyaka, okudala ukuthi sidinge ukuqala phansi akukho lula ngoba kudinga umfutho.
URamovic uqhube wabonga usihlalo nomnikazi weqembu, owumngani wakhe, uTim Sukazi, ngokumnikeza ithuba lokuqeqesha kwiPSL. Uthe iqembu lakhe lidinga inhlanhla yokuthola abaxhasi ukuze lifinyelele kwelinye izinga.