Inkakha kanozinti weKaizer Chiefs neBafana Bafana, u-Itumeleng Khune, usememezele ukuthi uzosebenzisana nenkampani esafufusa kwezokugembula kuleli.
Izolo iTopBet, okuvela ukuthi isungulwe ngo-2008, imemezele uKhune njenge-shareholder yaphinde yaveza ukuthi uzosebenza njengenxusa lenkampani.
“ITop Bet iyazigqaja ukumemezela ukusebenzisana nenkakha yebhola u-Itumeleng Khune. Ngokuzinikela kwakhe nobuholi bakhe, uKhune uzohola izinhlelo zeTop Bet efisa ukunikeza amakhasimende indawo yokubheja esezingeni lomhlaba ngokunjalo nasezinhlelweni zokuthukisa umphakathi ezindaweni ezihlukene ezweni,” kusho isitatimende.
“Njengendlela yokujabulela lobu budlelwano, iTop Bet yethule ibrand identity entsha ehambisana newebsite nelogo okusha.”
Ukuvela kwalezi zindaba kungasho ukuthi kuphelile ngezinsuku zokudlala kuKhune noma engakamemezeli ukuthi usewagaxa emgibeni. Lo nozinti wagcina eveze ukuthi usanesifiso sokuqhubeka adlale kodwa iChiefs yagcina ingayelulanga inkontileka yakhe, kunalokho yacela ukumupha omunye umsebenzi kwezokukhangisa iqembu.
Okwamanje iTop Bet ayikabonwa nangokhalo kuma-website ahamba phambili kwezokugembula kuleli. Ngokwacwaningo lweGibela, enyangeni kaSeptember 2024 ama-website okugembula avakashelwe ukudlala amanye:
1.hollywoodbets.net
2. betway.co.za
3. jackpotcity.co.za
4. yesplay.bet
5. insvr.com.
Ngaphandle kwalawa, singabala neWorld Sports Betting, Supa Bets, Sporting Bet, SuperSport Bet ne10Bet kwamanye asezakhele udumo kuleli.