Umqeqeshi weMamelodi Sundonws uRhulani Mokwena uncome abadlali bakhe ngokunqoba imidlalo eyishumi ilandelana kwiDStv Premiership.

ISundowns izolo inqobe ngo 2-1 ibhekene neChippa United eLoftus Versveld Stadium yaqinisa indawo yayo kwi-log yeDStv Premiership, isishiya iSuperSport United ngamaphuzu awu-13.

“Ngibongela abadlali. Angiboni ukuthi bashayelwa ihlombe ngokwanele ngomsebenzi abawenzayo ongekho lula. Sinqobe kunzima sibhekene neqembu eliphuma kwisibhaxu, elifike nomfutho lifuna ukunqoba,” kusho uMokwena ekhuluma nabezindaba ngemuva komdlalo.

UMokwena uncome ubumbano phakathi kwabadlali beSundowns, wathi yinto esifana nosiko kuleli qembu ukuthi abadlali bazwane sengathi bazalwa ndawonye.

Ekhuluma ngendlela abadlala ngayo uthe akakagculiseki ngokuphelele, usafuna badlale kangcono.

“Sibheka umdlalo ngomdlalo. Siyazi asikafiki kwizinga esifisa ukuba kulo, nabantu bayakusho ukuthi asikafinyeleli kwizinga okufanele ngabe sikulo. Siyakwazi lokho, yinto esizoqhubeka sisebenze phezu kwayo.”

Lo mqeqeshi upwind wazwakalisa injabulo ngokubuya komgadli uPeter Shalulile, athe kuzoba siza emdlalweni weCAF Champions League.

ISundowns isiyoze idlale umdlalo weligi ngoMsombuluko, izobhekana neSuperSport United.