Umqeqeshi weChippa United uMorgan Mammila uthi bazigwaze ngowabo bededela amagoli amabili ‘alula’ avalelwe yiMamelodi Sundowns izolo koweDStv Premiership.
ISundowns inqobe ngo 2-1, amagoli ayo avalelwe wuTeboho Mokoena noPeter Shalulile. IChilli Boys ibike ngelikaThabiso Lebitso usuyophela umdlalo.
Ekhuluma ngemuva komdlalo uMammila uthe iSundowns inqobile kodwa ayidlalanga kangcono kunabo.
“Senze konke okusemandleni, kodwa ngeshwa ebholeni kunqoba iqembu elilodwa. ISundowns inqobile namhlanje kodwa ngeke ngithi idlale kangcono kunathi, ngabe ngiqamba amanga,” kusho uMammila.
“Sibaphe igoli elilula esiwombeni sokuqala. Nginokulingabaza igoli labo lesibili, ngisola ukuthi bekuyi-offside…kodwa ke siqhubekile sadlala. Sigeje amathuba alula nathi, angazi sihluleke kanjani ukuwavalela amanye. Kwimzuzu ewu-15 yokugcina umdlalo besiwuphethe, angazi ibisishonephi iSundowns.”
UMammila uncome abadlali bakhe ngokudlala kangcono emdlalweni wayizolo uma ewuqhathanisa neminye imidlalo yakamuva.
IChippa isaqoqe amaphuzu amabili emdlalweni emihlanu edlule, osekufake uMammila ngaphansi kwengcindezi kodwa muva nje ebuzwa ngekusasa lakhe uthe uyena ozotshela umnikazi weqembu uma sekufanele axoshwe.
IChippa izobhekana neCape Town City ngoMgqibelo ngo-17:30.