Iqembu labesifazane leTS Galaxy, iTS Galaxy Queens, selizodlala kwiHollywoodbets Super League kulandela ukuthenga istatus seVasco Da Gama.

ITS Galaxy izoba yiqembu lesithathu eligijima kwiDStv Premiership elineqembu elidlala kwiHollywoodbets Super League, ijoyina iMamelodi Sundowns neRoyal AM ethenge iBloemfontein Celtic Ladies ngesizini edlule.

Ekhuluma ngokungena esigabeni esiphezulu sebhola labesifazane umengameli weTS Galaxy Queens uDuduzile Sukazi uthe ujabule ngegxathu abalithathile ngoba sekunesikhathi bezama ukufinyelela kule ligi.

“Kufezeke iphupho lethu leminyaka. Siyiqembu elinganawo amahloni ngokuzama ukuthuthukisa ibhola labesifazane kuleli. Bekusezinhlelweni zethu ukuthi sibe neqembu labesifazane elidlala esigabeni esiphezulu njengelabesilisa,” kusho uSukazi.

“Abadlali bethu badlale kahle kwiligi yezifundazwe, kodwa sangaphumelela kuma-playoff amasazini amabili elandelana. Sigcine siqoke ukuvele sithenge istatus sokudlala kwiHollywoodbets Super League.”

“Ngifisa ukubonga umengemali weqembu uMnuz Tim Sukazi ngokweseka umbono wami. Uwumuntu okholelwayo ekuthuthukiseni abesifazane ebhizinisini eliphethwe abantu besilisa…”

USukazi uqhube wathi bafuna ukulandela amanye amaqembu amakhulu emhlabeni ngokuba neqembu labesifazane elidlala esigabeni esiphezulu nangendlela abaphatha ngayo iTS Galaxy.

ITS Galaxy Queens izodlala imidlalo yasekhaya eSolomon Mahlangu Stadium, KwaNdebele.