Sphamandla Gumede
Kuzophela imidlalo yangoLwesine sekucacile ngombango weligi phakathi kwamaqembu amabili amakhulukazi aseSpain IReal Madrid neBarcelona.
IMadrid ezihola phambili ngamaphuzu angu-83 emdlalweni engu-36, izotholana phezulu neVillareal e-Alfredo Di Stefano Stadium ngoLwesine ebusuku. ILos Blancos idinga amaphuzu amathathu ukuze izoba ompetha beLa Liga Santander ihlandla lika-34.
Izimbangi ezinkulu iBarcelona zilandela ngemuva ngamaphuzu angu-79 njengoba izobhekana ne-Osasuna eCamp Nou ngoLwesine ebusuku. IBarca idinga amaphuzu agcwele kulomdlalo ukuze izoba nethemba lokunqoba iligi, kodwa izomincela iMadrid ukuthi idlale ngokulingana noma ishaywe.
IMadrid izobeka amathemba kumgadli osefomini uKarim Benzema oselokhu ewaqhulule njalo amagoli kusukela kwabuya imidlalo yeligi. UBenzema unamagoli angu-19 kwiligi, ulandela uLionel Messi weBarcelona ozihola phambili ngamagoli ang-24. EzikaZidane sezinqobe imidlalo eyisithupha ilandelana futhi ziyizimfivilithi kulomdlalo wazo neVillareal.
IBarcelona izoya kulomdlalo ngaphandle komgadli u-Antoinne Griezmann olimale emdlalweni odlule beshaya iValladolid. IBlaugrana engabavikeli beligi, izothembela kuMessi nomdlali wasesiswini u-Arturo Vidal onamagoli angu-10 kwiligi.
Umqeqeshi weBarca uQuique Setien ungaphansi kwengcindezi njengoba sekusabalele imibiko yokuthi abadlali abamthandi futhi ushintsha isikumu kakhulu.
View this post on Instagram📍 Camp Nou 🐐 @leomessi 🔜 BarçaOsasuna 🙌 @oppo 📲 #OPPOFindX2 #ShotOnOPPO
A post shared by FC Barcelona (@fcbarcelona) on
Bobabili abaqeqeshi kukindeleke ukuba bafake izikimu eziqinile kwazise imidlalo yangoLwesine ithakaselwe kakhulu abalandeli bebhola.
Ngemuva kokuphela kweligi, womabili lamaqembu kuzomele ayoqedela umqhudelwano we-UEFA Champions League ozophothulwa ezweni lasePortugal ngo-Agasti. IBarcelona izodlalela ekhaya uma isibhekene neNapoli emlenzeni wesibili. Umlenze wokuqala waphela ngo 1-1 zibambene eNaples Stadium. IMadrid izovakashela iMan City e-Etihad Stadium emlenzeni wesibili. IMan City yawina umlenze wokuqala ngo 2-1 eSantiago Bernabeu.
Iligi yaseSpain izophela ngeSonto njengoba wonke amaqembu ezodlala ngesikhathi esifanayo. Okubi ukuthi iqembu elizonqoba ngeke likwazi ukukhangisa ngendebe phambi kwabalandeli ngesimo somkhuhlane iCovid 19.