Umgadli we-Orlando Pirates obolekwe iSuperSport United, uZakhele Lepasa, usedalule ukuthi kwasheshe kwamcacela ukuthi mancane amathuba azowathola okudlala wacela ukudedelwa.

ULepasa (25) ushiye iPirates eseyidlalele imidlalo ewu-10 kule sizini, wakora igoli elilodwa. Indlela abedlala ngayo ize yaholela ekutheni abizwe kwiBafana Bafana.

IPirates isayinise umgadli waseCameroon ngoJanuary, ojoyine abanye abagadli okubalwa kubo uKermit Erasmus no-Eva Nga. Ngaphezu kwabo kukhona noTerrence Dzvukamanja osengene egiyeni ngaphansi kukaJose Riveiro.

Ekhuluma ngesinqumo sakhe ubeke kanje: “Kungihambela kahle. Ngisebenza ngaphansi kwezimo ezihlukile kodwa ngiyakuthanda ukukhululeka engikunikeziwe. Ngizokwenza amaphutha ngifunde. Ngifuna ukuzinza ngisize iqembu.”

“Uma ngikhuluma iqiniso nje imina owacela ukudedelwa. Abaphathi bePirates babengahambisani nalokho kodwa ngacela ukuze ngizothola isikhathi sokudlala kubuye ukuzethemba.

“Lento yokudlala umdlalo owodwa, bese ubekwa ebhentshini kwemithathu elandelayo ikwenza ungaboni ukuthi uyaphi.”

ULepasa uthe kwenzeka into eyodwa njalo kwiPirates.

“Uma kuphela isizini kusangenzeka kulandwe abagadli abathathu abasha. Uma wenza iphutha elilodwa uyaphuma esikimini. Akungisebenzeli.