Kubikwa ukuthi iMamelodi Sundowns noRulani Mokwena sebexoxa eyokuthi kuhlukanwe emva konyaka owodwa bevumelana ngenkontileka yeminyaka emine eChloorkop.

Kuthiwa isinqumo asikathathwa kodwa emva kwezingxoxo ezishubile ezibe khona, maningi
amathuba okuthi ahambe maduze uRulani.

Ngokombiko weSABC Sport, inkinga enkulu edale lesi simo esithuse abaningi, ukuthikamezeka
bobudlelwano basemsebenzini phakathi kukaMokwena noFlemming Berg oyisikhulu
kwiDowns (Sporting Director).

UBerg, osebenze kakhulu nabadlali abasebancane ebacija ngakubo eDenmark, waphinde
wasebenza neChelsea eyibhekela abadlali emazweni, ufike kumaBrazilians ngo-2022
uMokwena esabambisene noManqoba Mngqithi ekuqeqesheni.

ISABC Sports ithi uMokwena noBerg bese siside iskhathi bengaboni
ngasolinye mayelana nokuphathwa kweqembu.

Esinye sezizathu ezivelile, izinhlelo zeSundowns zokuthengwa nokudayiswa kwabadlali
ngaphambi kokuqala kwesizini ka2024/25. Kumanje sebememezele ukuthi sebeshiywe
uBrian Onyango, Bongani Zungu, Gaston Sirino kanye noThabiso Kutumela.

UJunior Mendieta kuthiwa umemezele emsakazweni wangakubo e-Argentina ukuthi uselibangise
eGreece.
ISundowns yona ayikabamemezeli abadlali abasha, okwenza kusolise ukuthi basalinde
ukuthola isisombululo salenkinga kaMokwena noBerg, bese kuyima kuvunyelwana
ngabadlali abadingekayo.

Abadlali beSundowns baqale ngoMsombuluko ukubuyela eChloorkop bezohlolwa isimo
sempilo (medical tests), kanti uRhulani ubengabonwa nangokhalo. Akukacaci ke kodwa
ukuthi ubevele engeke eze noma kwenziwa ukuthi useyahamba, ngoba ipre-season yabo
ngokomthetho izoqala ngokuhamba kwesonto.
Kuthiwa naye uRhulani, njengabadlali bakhe abaningi, ubesandakubuya ekuncebelekeni,
kodwa mancane ngempela amathuba okuthi aqhubeke aqeqeshe ezikaMotsepe
ngo2024/25.

Kuthiwa uMokwena uke wabuzwa ukuthi yena yini acabanga ukuthi ingaba yisixazululo kule
nkinga, wathi mhlawumbe kumele athathe ikhefu lonyaka owodwa ukuze uBerg ezothola
ithuba lokwenza izinto ngendlela afisa ngayo, engaphazanyiswa.