Umdlali we-Orlando Pirates uDeon Hotto uthi wagcina esecela ukungayiqedi imidlalo noma èngayiqali eminye ngoba efuna kuneliseje uThembinkosi Lorch nabanye ozakwakhe ababecikwa ukuthi uzitamuzela isikimu.

UHotto ubekhuluma kwi-documentary yeqembu, nokuyilapho edalule khona ukuthi wayengasahoshelani nabanye abadlali ngenxa yokuba isethenjwa sikamqeqeshi uJose Riveiro.

UHotto, odlala ophondweni kwesokunxele, ubephinde adlaliswe emuva kwesokunxele. Lokhu kumdonsele izitha eqenjini, wagcina engasakhulunyiswa.

“Indaba idale uqhekeko eqenjini. Kukhona abadlali abekade bengitshela konke okukhulunywa ngami. Bekukhulunywa, kukhalwa ngokuthi ngiyidlala yonke imidlalo manje, kuthiwa angikhishwa.

“Ngakhuluma nomqeqeshi, ngamcela ukuthi angibeke ngaphandle kweminye imidlalo. Naye umqeqeshi wazizwa izinkulumo ezazibhungwa ekhempini. 

“Ngangizicelela ukukhishelwa ngaphandle uma sihamba phambili kweminye imidlalo. Lokho ngangikwenza ukuze bezojabula abanye abadlali. 

“Kukhona abadlali ababengajabuli uma ngingakhishwa emidlalweni. Babecabanga ukuthi ngizobachomela, umsebenzi wami ukudlala ibhola kuphela. Abadlali babekhala ngokuthi ngibakhuhlisa ngebhentshi selokhu ngafika eqenjini,” kubeka uHotto ekhuluma kwi-documentary yeqembu.

Kuvela ukuthi uLorch wayengamfuni nalapho ahambe khona uHotto. UNyoso wagcina esayine kwiMamelodi Sundowns ngoJanuary nonyaka, waphambana noHotto owabuya kwi-AFCON ngoFebruary.

“Umqeqeshi ubengidlalisa ezindaweni ezahlukene, akwenzeki ngizifake esikimini. Bengivuma uma umqeqeshi engidlalisa endaweni yezitobha. Bengingeke ngibuze izizathu zikamqeqeshi.  

“Umqeqeshi wayengichazela ukuthi uXoki (Tapelo) akaphilile kahle, okuyisizathu esamenza angibeke emuva. Inkinga yadalwa ukuthi umqeqeshi ubengidlalisa emuva kwesokunxele, ophondweni kwesokunxele nasendaweni yomgadli. 

“Ngagcina sengizwa ukuthi abadlali bayakhononda. Babebuza ukuthi kungani ngingakhishwa emidlalweni? Babebona ukuthi ngisithola njalo isikimu. Bengishaya amagoli, ngikhandela ozakwethu amathuba. Ukukhuluma kuqalwe yilokho,” kuchaza uHotto.

UHotto uthi ayikaze ilungiswe indaba yakhe noLorch.

“Asikaze siyilungise inkinga eyayiphakathi kwethu. Ngahamba neqembu lesizwe (Namibia), ngabuya engasekho. Kwaphela kanjalo,” kubeka uHotto.