USihlalo weCape Town City uJohn Comitis ukholwa ukuthi umdlali omusha uHaashim Domingo uzokwenza omkhulu umehluko eqenjini ngesizini ezoqala.

UDomingo (28), oshiye kwiRaja Casablanca ebimkhuhlisa ngebhentshi, usayine inkontileka yeminyaka emithathu neCity ezinze eKapa.

Lomdlali oseke wayibamba kwiMamelodi Sundowns neBidvest Wits ngaphambilini, uthwale kanzima eMorocco njengoba ebonakale emidlalweni elishumi kuphela isizini yonke. 

UComitis uthi usayine uDomingo ngoba unobuhlakani ebhokisini.

“Bengigaqele umdlali onobuhlakani ebhokisislni, uDomingo unomqondo osheshayo. Ngizokubeka obala ukuthi lesizini izoveza izinga lakhe elingakaze libonakale. Uzokhululeka, adlale ibhola ngendlela ayifunayo. Ngiyamethemba kakhulu (Domingo),” kubeka uComitis ecashunwa abeSowetan.

ICity imatasa ngokuqinisa isikwati ezogadla ngaso ngesizini ka-2024/25. Leliqembu seliqedile ngokusayinisa uFortune Makaringe, Kamohelo Mokotjo noKayden Francis.

UComitis uthi abaqedile ngokusayinisa.

“Ngisanda kubuya, ngizobheka ukuthi izindaba eziqondene nabadlali ziphethwe kanjani. Sisalungisa izinto ezimbalwa. Sesilindele ukuqinisekisa ukuze singawenzi amaphutha,” kuchaza uComitis.

ICitizens izobhekana neqembu laseGermany iSV Wehen Wiesbaden ngoLwesine eCape Town Stadium. Lomdlalo uyingxenye yezinhlelo zokucijela isizini ezoqala ngo-Agasti.