Kulindeleke ukuthi kube nokukhithika kwezulu ezifundazweni eziyisishiyagalombili zaseNingizimu Afrika ngempelasonto nangesonto elizayo.
Izindawo ezinezintaba zase-Underberg nasentshonalanga ye-KZN kulindeleke ukuthi zibe neqhwa elinamandla ngoMsombuluko, namazinga okushisa aphansi kakhulu
Ngokusho kwesangoma sezulu saseVox uMichelle du Plessis, amakhaza anamandla azotheleka eKapa ekuseni ngoMgqibelo, alethe imvula enamandla ezingxenyeni ezisentshonalanga yeNtshonalanga Kapa, kanye nesimo sezulu esibandayo, esinemvula nomoya ezindaweni eziningi zezifundazwe zaseKapa.
Khonamanjalo, kunxuswe izakhamizi zaKwaZulu-Natal ukuthi nazo ziqaphele kakhulu njengoba kuzohlasela amakhaza isifundazwe sonke. Azobe ehambisana nemvula enamandla nokukhithika okungenzeka ezindaweni eziphakeme.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka odlule lesi sifundazwe sathwala kanzima sibhekene nokukhithuka kwezulu kodwa kulo nyaka kunethemba lokuthi kuzokwenziwa kangcono.