Isinqumo sikaKylian Mbappe sokungayivuseleli inkontileka kwiPSG kuzoshiya abaphathi baleli qembu bebhekene nenkiyankiya yenkinga.
Inkontileka kaMbappe iyaphela ngoJune 2024, okusho ukuthi iPSG kumele ithathe isinqumo ngaye kuleli windi. Uma imgcina kuze kuphele isizini, uzohamba mahhala. Lo mdlali oneminyaka ewu-24 wathengwa yiPSG kwi-AS Monaco ngo-£160million ngo-2018, ngethemba lokuthi uzoyisiza inqobe i-UEFA Champions League.
IPSG iphinde yalanda uLionel Messi kwiBarcelona, isazama ukufeza iphupho leChampions League, kodwa nakhona kuphinde kwabheda.
Isinqumo sikaMessi sokushiya leli qembu kungenzeka ukuthi sibe nomthelela kwisinqumo esithathwe wuMbappe, njengoba noNeymar naye kuthiwa ufuna ukuhamba.
Isizini yePSG ayiphelanga kahle nakuba inqobe isicoco seligi. Abalandeli bayo abaneme ngendlela iqembu elihluleka ngayo e-Europe, nangokuqhelelana kwabadlali nempilo yaseParis.
Uma ehamba mahhala uMbappe kuzofana nokuthi iPSG imoshe imali kumdlali ogcine engayisizanga ukuthi ithole ebikufuna. Okunye okuzobasa abaphathi bePSG kakhulu wukuthi iqembu eliphethwe izimpunyela zase-Abu Dhabi, iManchester City, isiyinqobe kuqala kunabo iChampions League.
Izinto ezenzeke kamuva zingase ziphuthumise ukuthengwa kweManchester United, ebangwa izimpunyela zaseQatar noSir Jim Ratcliffe wase U.K. Kuzokhumbuleka ukuthi abanikazi bePSG abaseQatar nabo.