Umgadli obalwa kubadlali abaphambili emhlabeni njengamanje, uKylian Mbappe, kubikwa ukuthi usetshele abaphathi bePSG ukuthi ngeke ayivuselele inkontileka yakhe kuleli qembu.
Inkontileka kaMbappe iyaphela ngoJune 2024, okusho ukuthi ngoJanuary angasayina isivumelwano nelinye iqembu afisa ukulijoyina uma kuphela isizini ka-2023/2024.
Ngokwemibiko evela eFrance iPSG ayizimisele ngokudedela lo mdlali mahhala, okusho ukuthi kuzomele inqume ngokumdayisa kuleli windi noma okungenani ngoJanuary.
Lezi zindaba zizoshubisa umbango walo mdlalo ofunwa yiMadrid namaqembu agijima kwiPremier League okubalwa kuwo iManchester United neChelsea.
IPSG ibisivele iqalile nezinhlelo zokuvala isikhala esizoshiywa yilo mdlali njengoba ibalwa phambili kumaqembu afuna umgadli weNapoli, uVictor Osimhen. Ngaphandle kwakhe, isanda kusayinisa noMarco Asensio kwiReal Madrid, ozovala isikhala esishiywe uLionel Messi okhethe ukuyozipholela kwi-Inter Miami.