Iqembu laseTanzania, iSimba SC, seliziphendulele kwizikhalazo zikaMandla Ncikazi, oqeqesha i-Orlando Pirates, ngemuva komdlalo wabo weCAF Confederations Cup.
UNcikazi ubeqhuma yintukuthelo ngemuva komdlalo wabo neSimba abadliwe kuwo ngo 1-0 nge-penalty eyavalelwa wuShomari Kapombe. Ngemuva komdlalo uNcikazi wathi iSimba yanqoba nge-penalty engekho, wakhalaza ngokungasetshenziswa kweVAR nangokuncishwa kwePirates ipenalty.
“Besingafanelwe wukushaywa. Kumele siguqule lomqondo wokuphatha abantu abasuke bavakashile kabi ngoba sisuke sihlangene ngomdlalo. Okwesibili, umthetho ubuthe kuzosetshenziswa iVAR kodwa ayisetshenziswanga kulo mdlalo. Unompempe akaze azihluphe ngisho nangokubheka iVAR…nonke la nizosuka niyohubhuza amanga (esho kwizintatheli). Bhalani iqiniso. ISimba ibingafenelwe ukuwunqoba lo mdlalo,” kusho uMandla Ncikazi.
Iphendula izikhalazo zakhe iSimba igxeke iPirates ngokuzenzela into yayo eTanzania ngokufika iziqokele ukuthi izohlala kuphi. Ithe ngenxa yokuhlala ngaphandle kwedolobha umdlalo owawuzodlalwa kulo, yagcina ishaywa isikhathi ukufika enkundleni ukuze iqale ukuziqeqesha ngaphambi komdlalo.
“Okwasixaka kakhulu yisinqumo sePirates sokungena enkundleni isebenzisa umnyango wezintatheli. Akuyona indlela amaqembu amakhulu aziphatha ngayo le, ngaleyondlela kumele bamukele ke imiphumela yezinqumo abazithatha befika eTanzania nakuba sasizama ukubacebisa.
“Inkulumo kaNcikazi idicilela phansi ibhola lase-Africa. Kumele kudlalwe ngemithetho kuphinde kulandelwe imithetho engabhaliwe phansi. IFair Play ithi kumele kube nokuhloniphana phakathi kwamaqembu nabadlali. Uhluleke lapho uNcikazi, kusho isitatimende seSimba.
ISimba iqhube yathi uNcikazi ufuna ukudatshukelwa ngokuzama ukuzenza isisulu ngento ewumkhuba omdala ebholeni wokuxukuzisana umqondo ngaphambi komdlalo.
“Wonke umuntu onelungelo lokuthi isithunzi sakhe sivikeleke kodwa okwenziwe wuNcikazi akuhambisani nalokho, udicilele isithunzi seSimba neseTanzani. Ngenxa yalokho sizofaka isikhalazo ngaye kwiCAF.
Ithe ngokuzayo uNcikazi kumele awabale amagama akhe ngenxa yomthelela angaba nawo phakathi kwabaseTanzani nabakuleli.