Umqeqeshi oyibamba kuMaZulu uBrandon Truter usola abantu abangafuni aphumelele kuleliqembu yize eseguqule imiphumela selokhu wafika.
UTruter uvale isikhala sikaBenni McCarthy oxoshwe emasontweni adlule. Ngaphansi kwesandla sikaBenni, AmaZulu aqede endaweni yesibili kwiDSTV Premiership ngesizini ka-2020/21.
Yize iqembu lidlale nakwiCAF Champions League kulesizini, uBenni ugcine exoshiwe ngemuva kokubhinjelwa imiphumela.
UTruter usethubeni lokuqashwa ngokuphelele uma kuphela isizini kodwa ubona sengathi kunabantu abangafuni athole lomsebenzi.
“Angeke ngigxile kulokho. Ngibheke ukubona ukuthi yini engingayilungisa eqenjini. Abantu bayabona kunoshintsho namanye amaqembu asesinakile. Azingiphathisi ngekhanda izinto engizifunda kwabezindaba. Kunenqwaba yabantu abangafuni ngiqashwe kuleliqembu,” kubeka uTruter ekhuluma nabezindaba.
Kusukela aqashwa oSuthwini, uTruter usenqobe imidlalo yeligi emibili ilandelana ishaya iMaritzburg United neBaroka. AmaZulu aphinde adlala ngokulingana neRoyal AM eChartsworth Stadium ngempelasonto eyedlule.
“Abangihloniphi labantu, Abangihloniphi neqembu. Ngizovala isikhala somqeqeshi okunguyena vo osanqobe I-UEFA Champions League esengumdlali, washaya namagoli amaningi emlandweni weBafana Bafana. Kuzohlezi kukhona lokho. Bengilindele ukuthi ngigxekwe. Ngizoqhubeka nomsebenzi wami, ngizobonga kakhulu kwithimba labaqeqeshi nabaphathi beqembu,” kusho uTruter.
Emdlalweni olandelayo, uTruter uzobhekana neqembu lakhe lakudala iSwallows ngoMeyi 2 eDobsonville Stadium. UTruter waxoshwa kwiSwallows isilengela ezembeni kwiDSTV Premiership.
Unikezwe umbandela wokubeka iqembu kwiTop 4 kwiDSTV Premiership. AmaZulu ahleli endaweni yesikhombisa ngamaphuzu angu-36, kanti asalelwe yimidlalo emine agoqe iligi.