INigeria ishaywe ngezinduku zayo ihlaliswa esikhumulweni sezindiza amahora awu-16 eLibya abadlali bayo baze baduba babuyela ekhaya ngaphambi komdlalo wokuhlungela i-AFCON obekumele udlalwe namhlanje ebusuku.
Abadlali beNigeria okubalwa kubo nokapteni wayo uWilliam Troost-Ekong noVictor Osimhen bathe kulungile ingawathatha amaphuzu amathathu iLibya kunokuthi baphathwe ngendlela abaphathwe ngayo.
INigerian Football Federation igcine ibahlelele ukuthi balandwe babuyele kwelakubo izolo kunokuthi baye enkundleni yokulungiselela umdlalo nasehhotela abebezolala kulo.
INigeria nokho iphathe iLibya ngendlela efanayo ngesonto eledlule ngoLwesihlanu, yagcina inqobe ngo 1-0. U-Ekong nokho uthi iNigeria ayikwenzanga ngamabomu lokhu futhi abadlali baxolisa ngaphambi komdlalo.
Lo mdlali uyashesha ke kodwa ukukhohlwa ngoba lo mkhuba bawenza nakwiBafana Bafana kumdlalo wokuhlungela iWorld Cup. Uma ubuka udaba lweLibya nolweBafana, lucishe lufane ncimishi uma ubheka izizathu ezabekwa yiNigeria izivikela ithi ayikho ephutheni.
ICAF ishicilele isitatimende yathi iyaxhumana nezikhulu zaseLibya nezaseNigeria ngalolu daba. Luzophenywa yiCAF Discipinary Board.
Isinqumo esizothathwa yiCAF kulolu daba sizobe sibhekwe ngabomvu njengoba kubukeka iLibya izimisele ngokuthi uqhubeke umdlalo.