Unozinti weKaizer Chiefs uBruce Bvuma akavumelani nabakhalaza ngokuthi uFiacre Ntwari oyisethenjwa seRwanda uvimbe indlela yakhe ebheke kwiBafana Bafana.
UBvuma ulizwa ngendaba ijezi selokhu kufike uNtwari eNaturena. UNtwari, obedlala kwiTS Galaxy ngesizini edlule, useyiqale yomithathu imidlalo yeBetway Premiership, wangenelwa amagoli amane.
“Angiboni ukuthi ukusayiniswa kukanozinti wangaphandle kungabeka indawo yami yakuBafana engcupheni. Ukuvundla isikhala esikimini kusezandleni zami, angeke ngisole unozinti wangaphandle otamuza isikimu eqenjini. Kufanele ngizikhandle ukuze ngizoqinisa amathuba okubuya eqenjini lesizwe,” kusho uBvuma ekhuluma nabezindaba eNaturena ngoLwesine.
Ngo-Agasti nonyaka, umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos wabhoboka ngenkinga yakuleli yokugcwala konozinti basemazweni angaphandle, wakhala ngokuthi indawo kaBvuma isengcupheni kwiChiefs.
Ekhuluma nabezindaba kamuva, unozinti weSuperSport United uRicardo Goss wahlaba ikhwelo kubaphathi bePSL, ecela ukuba kubuyekezwe imithetho ngonozinti bangaphandle kuleli. UGoss wathi kungcono iPSL ilandele umgudu wase-Egypt eyakuvala ukusayiniswa konozinti bangaphandle kwi-Egyptian Premier League.
UBvuma uthi ayikho inkinga ngonozinti basemazweni angaphandle abayizethenjwa kuleli.
“Angiboni kuwumqondo omuhle ukulandela umgudu weNorth Africa. Unozinti osezingeni kufanele avunyelwe ukudlala futhi azitamuzele nesikimu uma evuthwe kahle ezintini. Ngizokwenza umzekelo ngoDenis Onyango.
“Ngayibona nenkulumo kaRicardo (Goss). U-Onyango ushaye into ecokeme emaqenjini abuya kuwo. Anginankinga nonozinti bengaphandle abadlala kuleli,” kusho uBvuma.
IChiefs izotholana neSuperSport United koweCarling Cup kule mpelasonto.