Umdlali waesiswini weCape Town City uThabo Nodada ukhuphukelwa yithemba ngamathuba ezakhe kulesizini uma ekhumbula ibhola eladlalwa amaCityzens koweMTN8 yize agcine ewashiswe ijezi kuma-semifinals ebhekene ne-Orlando Pirates.

UNodada ubengakabonakali kulesizini njengoba exinwe ukulimala. 

ICity, ebithwelwe ngeqoma kulandela ukusayinisa abadlali abangu-11 ingakaqali isizini, iqale ngenothi eliphansi kwiBetway Premiership njengoba itibila kunombolo 11 ngemuva kwemidlalo emithathu.

“Angiboni siqale kabi yize sinqobe emidlalweni emibili, sahlulwa kwemibili saphinde sadlala ngokulingana kweminye emibili. Uma uzokhumbula isiwombe sokuqala sibhekene nePirates kwiMTN8, akukwayelekile ukuthi iPirates izithole ingaphansi kwengcindezi emdlalweni. 

“Kufanele siqhubeke kulesosisekelo, silwele ukwenza kangcono emidlalweni elandelayo. Ngizibona nginethuba lokulekelela iqembu uma sengibuyile ensimini. 

“Likhulu ithemba engilibeke eqenjini. Kunabadlali okumele bajwayele ukuzinza eKapa ngoba sikhuluma ngendawo ehlukile. Kufanele abadlali bajwayele isimo sezulu namazinga okushisa. Ngibeke ithemba kubadlali asebejwayele, ukuzwa ingcindezi kuzothela imiphumela,” kusho uNodada.

ICity izobhekana neRoyal AM koweCarling Knockout, e-Athlone Stadium, ngoMgqibelo. 

IThwihli Thwahla ayikaze ithole isibhaxu emidlalweni emine yeBetway Premiership kulesizini.

“IRoyal AM iyiqembu elihle, akukho okuningi ngabo. Ingqinamba ababhekene nayo eyokungasayinisi abadlali kodwa akufanele singakunaki ukuthi banesikwati esesidlale ndawonye isikhathi eside. Kufanele sibashayele ihlombe ngalokho ngoba bayiqembu elihle,” kusho uNodada.