Umqeqeshi weSuperSport United uGavin Hunt uthi akuphelile ngoVincent Pule ochithwe yi-Orlando Pirates ngesizini edlule.

UPule (32) usayine inkontileka yonyaka owodwa enombandela wokwelulwa ngomunye unyaka kuMatsatsantsa.

UMashonisa wayephekwa uHunt kwiBidvest Wits eyadla isicoco seligi neTelkom Knockout Cup ngesizini ka-2016/17. 

UHunt udumile ngokuthembeka kubadlali bakhe abadala kwazise uThulani ‘Tyson’ Hlatshwayo noPhathutshedzo Nange basekhona kuMatsatsantsa.

UHunt uthi uPule uzosiza ngoba udlala ezindaweni eziningi.

“UPule ufana nengane encane engine esitolo. Ngimchazelile ukuthi akanciphise ukwenza. Ngamsayinisa kwiWits esuka kwi-African Warriors. Washaya igoli elasiwinisa iTelkom Cup kowamanqamu. Wadlala enkulu indima sinqoba iligi neMTN 8. 

“Wasayina kwiPirates, wahlala amasizini ayisikhombisa eshaya into ecokeme. UPule akashintshile nakancane, uyagijima futhi umzimba usavuma. Umfutho usekhona, ijubane nokukhahlela ibhola ngobunyonico. Ukwazi ukudlala ezindaweni ezahlukene, lokho kuzosisebenzela,” kubeka uHunt ekhuluma noRobert Marawa ohlelweni lweRadio 974FM.

UPule ubengabonakali kumasizini amabili adlule njengoba ebexinwa ukulimala.