Umdlali omusha weLiverpool, uCody Gakpo, usephumele obala waveza ukuthi wumkhaya wakhe waseNetherlands, uVirgil van Dijkj, oholele ekutheni ajoyine leli qembu esuka kwiPSV.

ILiverpool iphuce iManchester United iqatha emlonyeni njengoba bese kunezinyanga lo mdlali ekhonjwa kuyo futhi abaningi bebekholwa wukuthi uzoyijoyina ngoJanuary. Ngemuva kokulimala kukaLuis Diaz nokho iLiverpool iqoke ukuthungatha omunye umdlali ohlaselayo, yasayinisa uGakpo obedlala noVan Dijk kwiNdebe yoMhlaba eQatar.

“Besikhuluma noVan Dijk ngemuva kweWorld Cup. Wangazisa ukuthi iLiverpool ilona qembu engizokhula kulo, wangazisa nangobukhulu beqembu nokuthi siwumndeni – bekubalulekile lokho kimina ngoba ngiwumuntu ozwanayo nobumbano.”

“Sengikulindele ngabomvu ukudlala e-Anfield.”