Kuvela ukuthi angase abone afike ngayo kwiSekhukhune United umqeqeshi uLehlohonolo Seema osemisiwe kuleli qembu.
Okwamanje akucaci ukuthi kubangwani kodwa ngokombiko weSoccer Laduma, kungenzeka ukuthi okuqhathe lo mqeqeshi nabaphathi yizimfuno ezithinta inkontileka yakhe njengoba iphela ngoJune inkontileka ayisayina efika.
ISekhukhune ayiqali ukumisa umqeqeshi njengoba noBrandon Truter wahamba kungasahlekelwana ngaphambi kokuthi iqashe uSeema. Okuthusa abaningi ngalesi sinqumo wukuthi iqembu lenza kahle ngaphansi kukaSeema, likunombolo 4 kwilog yeDStv Premiership futhi sekusele imidlalo emibili.
Okwamanje iBabina Noko ayikathi vu ngalolu daba, kodwa konke kuzocaca maduze njengoba idlala noSuthu ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.