I-Orlando Pirates isimemezele ukuthi isiqale uphenyo ukuqinisekisa ukuthi abekho abadlali bayo abazibandakanya ekubhejeni kulandela ivideo esabalele ezinkundleni zokuxhumana esuse ukukhuluma.

IPirates ishicilele isitatimende kwi-website yayo ngoLwesine ekuseni icacisa ukuthi abadlali abavela kule video ababheji futhi babezidlalela bekhuluma ngomdlalo we-English Premier League.

“Njengeqembu lebhola, siyazi ngokugcwele imithetho ethinta ukubheja. Abadlali bebhola elikhokhelayo abavumelekile ukubheja kwezemidlalo.

“Silusukumele lolu daba nabadlali abathintekayo, sagcizelela ukuthi noma kudlalwa izingxoxo ezifuze lezi zingaba nemiphumela emibi,” kusho iPirates.

Leli qembu lithi liphinde lakhumbuza abadlali ngokuqinisekisa ukuthi bayayilandela imithetho ethinta ukubheja ukuze bagweme ubishi abangazifaka kulo.

“Abadlali balibonile iphutha labo, baxolisa. Ngenxa yobucayi balolu daba, sesiqale uphenyo lwangaphakathi ukuze kuqinisekiswe ukuthi akekho umdlali obandakanyeka kunoma yiluphi uhlobo lokubheja kwezemidlalo…”

IPirates iqala uphenyo ngalolu daba nje siyanda isibalo sabadlali ababanjwe bephula imithetho yokubheja e-Europe. Muva nje kusanda kugwetshwa umdlali weNewcastle United uSandro Tonali ngamacala okubheja kwezemidlalo. Uqale wamiswa izinyanga eziwu-10 ngamacala okubheja esadlalela i-AC Milan. NeFootball Association yase-England imhlawulise uR462,566 ngokuqhubeka nokubheja esedlala kwiPremier League, waphinde wamiswa izinyanga ezimbili ebholeni.