Umqeqeshi obambile kwiKaizer Chiefs, uCavin Johnson uthi usazoqhubeka nokudla isikimu uBruce Bvuma ngoba uwunozinti ongenhla kunabanye njengamanje.
UJohnson ubeke kanje ngemuva komdlalo naMaZulu ngeSonto ophele ngo 1-1. Abalandeli beChiefs ezinkundleni zokuxhumana bayakhala ngokuvuza kukaBvuma, ovame ukungenelwa amagoli abukeka elula.
Emdlalweni wakamuva abaningi bajabulele ukubona inkakha yaleli qembu, u-Itumeleng Khune, ebhentshini njengoba esanda kubuya ekumisweni. Bese kudlule izinyanga ezintathu engalithintile ibhola kwiChiefs.
“Ukuba khona kukaKhune kuhlale kudala umoya omuhle phakathi kwabadlali. Ukuhlala kwakhe iminyaka ewu-20 kuleli qembu kusho lukhulu ngaye nomsebenzi asewenzile.
“Ubuye ebhentshini okwamanje ngenxa yekhadi elibomvu elitholwe wuBrandon, kodwa uBruce uyena osahamba phambili. s
“Kunokuqhudelana konozinti, uKhune uyazi kumele ayilwele indawo yakhe.