Usaqhubeka nomsebenzi wokunandisa ezindaweni zobumnandi uZodwa Wabantu ozakhele udumo ngokuvezela abantu izinqa, udalule imali ayenzayo.
UZodwa, onenqwaba yamaculo aqanjwe ngegama lakhe, ngempelasonto edlule ubenandisa kwiThe Grand Cafe, eKatlehong. Izithombe ezifakwe yile ndawo ekhasini kuFacebook zisematheni kuleli sonto njengoba abantu bebabaza ukuthi uZodwa usaqhubeka nalo msebenzi. Phela uke wamemezela inqwaba yamabhizinisi ahlukene, okubalwa kuwo neZodwa Wabantu Premium Cider, abaningi bazitshela ukuthi usephumile kumsebenzi wezinqa.
Ngenyanga edlule lo mdansi uke waveza ukuthi uthola uR25,000 uma ezoqashelwa ukunandisa. Lokhu kuveze ukuthi isiyehle ngo-R10,000 imali yokumqasha njengoba ayeqashwa ngoR35,000 ngo-2022.
Omunye wabalandeli bakhe ku-Instagram uke wamsola ‘ngokuphoqa’ isimo, wamphendula kanje: “Ngiphoqa kanjani ngoba ngikhokhelwa uR25,000 ukuze ngibe kule ndawo. Angivelanga ngazifikela nje. Ngiyakhokhelwa ukwenza engifuna ukukwenza, nawe zitholele eyakho imali.”