Abaphathi bePSG sebeyalele umgadli waseFrance, uKylian Mbappe, ukuthi akakhohlwe uma ezitshela ukuthi uzohamba mahhala uma kuphela isizini kuleli qembu.
Ngokwemibiko evela eFrance, usihlalo wePSG uNasser Al-Khelaifi uthi lo mdlali kuzomele akhethe phakathi kokwelula inkontileka yakhe nokudayiswa manje.
“Sifuna ahlale kodwa ngeke ahambe mahhala,” kusho u-Al Khelaifi ngesikhathi iPSG yethula uLuis Enrique njengomqeqeshi omusha weqembu izolo.
“Bekunesivumelwano esikhona esingabhaliwe…ngithuke ngoma ngizwa kuthiwa useqoke ukuthi uzohamba mahhala. Uwumdlali osezingeni eliphezulu futhi uziphathisa okomnumzane, ukusishiya kanje akufani naye. Ngaphoxeka ngizwa lezi zindaba.”

Lo mdlali kulindeleke ukuthi ajoyine iReal Madrid, kodwa iLos Blancos nayo kuthiwa ilinde ukumlanda ngehhala ngoba ayivumelani nePSG ngemali eyifunayo. Naye lo mdlali kuthiwa uzizwa eyisiboshwa semali eFrance, okumenza afune kuphele inkontileka yakhe bese eyahamba.