Ingase ibe sengcupheni yokudliwa yizembe kwiDStv Premiership iRoyal AM kulandela isijeziso seFIFA esinqume ukuyivala ekusayiniseni abadlali abasha kulandela ukuhluleka ukukhokha uR12 million ewukweleta uSamir Nurkovic.
Ngokombiko weSABC Sport, ummeli kaNurkovice, uDavor Lazic, wafaka isicelo sokuthi iThwihli Thwahla ifakwe induku enzima ngokuhluleka ukumkhokhela inkence eyikweletayo.
IRoyal AM isayinise uNurkovic mahhala esuka kwiChiefs kodwa yanqamula inkontileka yakhe kusadlule izinyanga ezintathu kuphela ikhala ngokungafiki kwakhe emsebenzini.
Ummeli weRoyal AM uLeruma Thobejane usamile ekutheni uNurkovic wafika kanye kwi-training yeRoyal AM. Kwathi uma esenikezwa incwadi yokuthi ashiye iqembu, waya kwiFIFA. IFIFA igcine inqume ukuthi lo mdlali kumele akhokhelwe uR12 million ngokunqanyulwa kwenkontileka yakhe yeminyaka emibili. Le mali ihlanganisa nemali ye-agent yakhe neyabameli.

UThobejane uthe lolu daba bazoludlulisela kwiCour of Arbitration for Sport (CAS) ngoba basola iFIFA ngokuchema noNurkovic.
Isijeziso seFIFA sizosuka uma iRoyal AM isiwukhokhe ngokuphelele uR12 million kuNurkovic.