Sphamandla Gumede


Ihlalele ethembeni iParis St Germain (PSL) kulimala isilomo somdlali uKylian Mbappe, ophume emdlalweni wamanqamu weCoupe de France esehamba ngezinduku.


UMbappe (21) ulimale eqakaleni ngesiwombe iPSG ishaya iSt Etienne ngo 1-0 eStade de France ngoLwesihlanu. Umdlali weSt Etienne uLoic Perrin ukhishwe ngekhadi elibomvu ngosenzo sokulimaza uMbappe.


IPSG ikhiphe isitatimende ezinkundleni zokuxhumana ichaza ngokulimala kukaMbappe.


“UMbappe uthinteke iqakala kabuhlungu. Umdlali uzobhekwa odokotela eqakaleni kumahora angu-72,” kusho isitatimende.


Kusabalale imibiko ngoLwesihlanu ebiveza ukuthi uMbappe ukhulume noMengameli waseFrance u-Emmanuel Macron ekupheleni komdlalo, wamthembisa ukuthi aliphukanga iqakala yize ezwe ubuhlungu.

IPSG, engompetha beligi, ayivezanga ukuthi uMbappe uzobonakala yini emdlalweni wamanqamu weFrench League Cup lapho izotholana khona ne-Olympique Lyon.


UMbappe kungenzeka aphuthelwe umqhudelwano we-UEFA Champions League ngo-Agasti. IPSG izodlala ne-Atalanta kuma-quarterfinals ngomhlaka 12 Agasti.