Sphamandla Gumede

Uswele amagama okuncoma umdlali wakhe wasesiswini uKevin De Bruyne umqeqeshi weManchester City uPep Guardiola othe lomdlali kusamele aqinise nasekushayeni amagoli ukuze abe ngumdlali ophelele esiswini.

UDe Bruyne uqede isizini ezihola phambili ngokwakhela ozakwabo amagoli angu-20, okuyirekhodi aseliphethe ngokubambisana nenkakha ye-Arsenal uThierry Henry.

IMan City ibhaxabule iNorwich City ngo 5-0 emdlalweni wePremier League ngeSonto e-Etihad Stadium. ICity iqede isizini namagoli angu-100 kwiligi.

UDe Bruyne uphasele uzakwabo uRaheem Sterling ibhola eliholele kwigoli ngesiwombe sokuqala. Lomdlali ushaye amagoli amabili kulomdlalo, okumbeke kumagoli angu-13 kulesizini. 

“Sijwayele ukumbona ekhandela ozakwabo amathuba kodwa siyawadinga amagoli kuye. Namuhla, uDe Bruyne ushaye amagoli amabili amahle, ikakhulukazi elokuqala. Ukhande igoli elilodwa kodwa bekulula ukuthi alidlule irekhodi likaHenry. Iyancomeka indlela adlale ngayo. Kumele agxile ekusizeni iqembu. Abadlali kumele basebenzele ukukhula nokudlala kahle, okuyinto ekhulisa iqembu,” kuchaza uGuardiola ecashunwa abeSky Sports ngemuva komdlalo.

UGuardiola uthe uDe Bruyne akumele kumphathe kabi ukungayitholi indondo ngenxa yokuthi ukhombisa izinga eliphezulu.

Lomdlali usale encela isithupha ngesonto eledlule njengoba indondo yomdlali ovelele kwiPremier League inikezwe ukapteni weLiverpool uJordan Henderson. 

Unozinti weCity u-Ederson Moraes uwine indondo kanozinti wesizini njengoba eqede isizini enama-clean sheet angu-16. UGuardiola uthe lonozinti kumfanele ukuwina lendondo njengoba evimbe ngokuzimisela emdlalweni weNorwich.

“Kuyancomeka okwenziwe u-Ederson. Kumfanele ukunqoba lendondo ngoba uvimbe amabhola amabili ayingozi namuhla. Udlale kahle kulesizini futhi kumfanele ukunqoba. Sijabula kanye naye,” kuchaza uGuardiola. 

ICity ivalelise inkakha yeqembu uDavid Silva (34), obedlala okokugcina kwiPremier League izolo. USilva ushayelwe ihlombe abadlali nethimba labaqeqeshi ngesikhathi esekhishwa ngesiwombe sesibili. 

ICity isalelwe umqhudelwano we-UEFA Champions League njengoba izokwamukela iReal Madrid emlenzeni wesibili ozodlalelwa e-Etihad Stadium ngo-Agasti.