Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro uthi abalandeli beZimnyama akumele bakhathezeke kakhulu ngozothatha umsebenzi wokupheka iqembu ngesizini ezayo.
URiviero ubeke kanje ngemuva kokubuka ezakhe ziginqa iGolden Arrows ngo 2-1 eMoses Mabhida Stadium ngoLwesibili ebusuku.
Abalandeli beqembu abaningi bakhathezekile ngokuthi wubani ozoqashelwa umsebenzi wokupheka iqembu nokuthi ngabe uzokwazi ukuqhubeka nomsebenzi omuhle owenziwe wuRiveiro eminyakeni emithathu edlule kwiBucs.
URiveiro uthi amaphaphu phansi.
“Iqembu liyazi ukuthi lenzani,” kusho uRiveiro ngemuva komdlalo.
“Lena yi-project yeqembu, akuyona iproject kaRiveiro. Lo mbuzo sengiwuphendule kaningi. Noma ngabe ubani ozoqashwa, bazoqasha umqeqeshi ofanele, futhi bazomeseka ukuze akwazi ukuqhubeka nomsebenzi ekupheleni kwesizini.
“Ibhola lisebenza ngamasizini, i-Orlando Pirates iyiqembu elikhulu. Akukho okuzoshintsha ngoba sekuhambe uRiveiro.
“Abalandeli akumele bakhathazeke ngomqeqeshi omusha weqembu ngoba iqembu linekusasa eliqhakazile. Konke kuzohamba kahle.”
Okwamanje iPirates isafihle induku emqubeni ngomqeqeshi ezomnikeza lo msebenzi. Okwamanje kubaqeqeshi bakuleli wuPitso Mosimane kuphela osephumele obala ngokuthi engawuthatha umsebenzi wokupheka iBucs.
Negama likaRulani Mokwena liyabalwa kodwa okwamanje abanye abalandeli abafisi abuye kwiBucs ngoba akuhambanga kahle ngesikhathi enikezwe ithuba phambilini.
URiveiro uzothola ithuba lokuqopha umlando ngokunqoba iNedbank Cup okwesithathu kulandelana. Bazobhekana neKaizer Chiefs kowamanqamu ngoMgqibelo eMoses Mabhida ngo 15:30.