Abadlali beKaizer Chiefs uGaston Sirino noMiguel Cardoso sebeveze inkinga enkulu eqhatha Amakhosi nenduku kule sizini.
UCardoso noSirino bebekhuluma nabezindaba izolo ngaphambi kweNedbank Cup Final njengoba kulindeleke ukuthi ifike eKZN namhlanje noma kusasa ngaphambi komdlalo wayo ne-0rlando Pirates kowamanqamu weNedbank Cup.
Ngempelasonto edlule iChiefs ishaywe okwesibili kwiSoweto Derby kule sizini.
Bekhuluma ngokubaqhatha nenduku kule sizini, uCardoso noSirino baveze into eyodwa bakhala ngokuthi iqembu liyahluleka ukubamba umgqigqo emdlalweni, ngokunjalo nokubeka amaphaphu phansi ngemuva kokukora kuqala.
Kule sizini iChiefs ishaywe kahlanu ngemuva kokukora igoli lokuqala emdlalweni.
NangoMgqibelo yayikore kuqala kodwa yabuya iPirates yabadla ngo 2-1 eFNB Stadium.
“Kwesinye isikhathi emdlalweni sisuke sihamba phambili ngo 1-0, bese sibheka igoli lesibilli. Uma singalitholi, kubanzima,” kusho uMiguel Cardoso obengekho ngesikhathi iChiefs iguqiswa yiBucs emdlawleni odlule.
Okunye akhale ngakho akubone emdlalweni odlule wukuthi abadlali babuye bazithele ngabandayo, bakhohlwe wukuthi babhekene nomdlalo omqoka.
“Asikwazi ukubuye sizithele ngabandayo kumdlalo ofana nalona. Inkinga yethu kuyasihlula ukubamba umgqigqo emdlalweni.”
Owayengumdlali weMamelodi Sundowns, uSirino, naye usho okufanayo ethi iChiefs idinga ukufunda ukulawula umdlalo kangcono.
“Kwesinye isikhathi sidlala kahle kodwa sidliwe. Mningi imidlalo esidlale kahle kuyo sashaywa, sifike sikore bese abantu bezithela ngabandayo.”