Umqeqeshi weLamontville Golden Arrows uManqoba Mngiqthi uthi sebefunde okuningi nge-Orlando Pirates abazobhekana nayo kumdlalo weligi namhlanje eMoses Mabhida Stadium.
IBucs naBafana Bes’thende bazotholana phezulu namhlanje eThekwini ngo-19:30 kumdlalo owamiswa ngenxa yemvula.
UMngqithi opheka i-Arrows uthi sebelifundile iqembu abazobhekana nalo.
“Okokuqala nje siqale sabuka ukuthi bamandla ngakuphi emdlalweni emine edlule nokuthi babuthaka ngakuphi,” kusho uMngqithi ngaphambi kwalo mdlalo.
“Kumele siqinisekise ukuthi siyakwazi ukumelana nabo la abamandla ngakhona. Ngihlale nginokuzethemba uma sidlala umdlalo ongadingi ukugqugquzela abadlali kakhulu kuwo. Leli qembu lingakumangaza.
“Kuyishwa nje ukuthi uma sinqoba imidlalo efana nalena, sibuye sihambe siyophisana ngamaphuzu uma sesibhekene namanye amaqembu. Kodwa ke ngiyazethemba kakhulu ngaphambi komdlalo wePirates.”
Uma i-Arrows ishaya iBucs namhlanje, iSundowns izobe isidinga amaphuzu amane kuphela ukuthi iqede ngesicoco seligi. Nangamathathu ingasinqoba ngenxa yamagoli.