ICape Town City isiqalile ukulungiselela isizini ka-2024/25 njengoba isimemezele ukuthi isidedele abadlali abahlanu okulindeke ukuthi babangwe amaqembu ePSL.
ICityzens idedele uThabiso Kutumela, Khanya Leshabela, Jo Pacienca, Relebogile Makhouane noBongani Mpandle. Kuthuse abaningi ukuhamba kukaLeshabela, owayedlalela iLeicester City kwiPremier League, kwazise ufike ngoFebruary kuleli qembu.
UKutumela ufike washaya udaka kuleli qembu njengoba evalele amagoli amathathu emdlalweni ewu-26. Ngesikhathi imsayinisa iCity bekunethemba lokuthi uzolekelela kwinkinga yendlala yamagoli ebhekana namaqembu amaningi kwiDStv Premiership.
Okwamanje akukacaci ukuthi uzoyaphi, kodwa akabukeki ewumdlali ozoliswela iqembu esigabeni esiphezulu kwiPSL, noma okungenani kwiMotsepe Foundation.
We arenโt anything without all you Citizens โจ
— Cape Town City FC (@CapeTownCityFC) June 3, 2024
See you soon! ๐๐ #FansAreTheTeam pic.twitter.com/3osqA4P31K
Ngokwemibiko yakamuva, kulindeleke ukuthi leli qembu laseKapa liqinise isikwati ngowayengumdlali weMamelodi Sundowns, uHashim Domingo noKamohelo Mokotjo obedlalela iSekhukhune United. Kusanda kuvela nokuthi iCity isivumelene nobengumdlali we-Orlando Pirates uFortune Makaringe ukuthi ayijoyine.