Umqeqeshi weBanyana Banyana uDesiree Ellis usehlabene ikhwelo kubadlali bakhe ebacela ukuthi bangayibukeli phansi iBurundi njengoba sebeshaye oshaka abakhulu iNigeria kwi-Womens Africa Cup of Nations (AWCON).
IBanyana ishaye iNigeria ngo 2-1 emdlalweni wokuqala wamaqoqo ngoMsombuluko.
Lomdlalo ubulindelwe kakhulu kwazise lamaqembu ayetholene kowamanqamu ngo-2019 futhi nomlando mkhulu phakathi kwawo.
U-Ellis uthi bekunzima ukungajabuli ngemuva kokushaya iSuper Falcons.
“Sazijabulisa kakhulu ngoMsombuluko ngoba umdlalo wawusinda. Umphumela wawubalulekile, sakulwela ukunqoba. Sawulungiselela kakhulu loyamdlalo.
Sesiqalile ngamalungiselelo omdlalo olandelayo ngoba abadlali ngiyabagqugquzela ngokubaluleka kwemidlalo.
Umdlalo we Burundi siwalungiselele ngosuku olulandelayo ngoba isikhathi sincane kakhulu,” kubeka lomqeqeshi.