U-Arthur Zwane uhlabe ikhwelo ekhuza umkhuba wabadlali bakuleli abanomlando omubi wokuthanda impilo yobumnandi, bakhohlwe umsebenzi wabo okuyibhola.

UZwane ubekhuluma ngemuva komdlalo wezakhe ezishaye iMarumo Gallants ngo 1-0 eFNB Stadium.

Lomqeqeshi ukhuluma nje iChiefs isanda kuhoxisa uDumisani Zuma okuvela ukuthi wafika ejimini edle amanzi amponjwana.

UZwane uhlulekile ukuzibamba, wathi abadlali kufanele bayeke utshwala nempilo esheshayo uma befuna ukuphumelela ebholeni.


“Kubalulekile ukuziphatha kahle. Ngijwayele ukuyixoxa lendaba yokuziphatha kahle. Ukuziphatha kahle kuqala ngaphandle, hhayi eqenjini.

Kuhlukene ukuziphatha. Uyakwazi ukuziphatha kahle enkundleni futhi nasempilweni ufuna ukuphumelela empilweni, kumele uziphathe ngesizotha Kufanele ubekezele mgoba izonto azifiki kalula empilweni. Uyabona sisebense kanzima ukuze sinqobe.

Akusibona abadlali beChiefs kuphela, bonke bayafana. Impilo yasebholeni iyashesha, yingakho kudingeka ukuthi uzimisele.

Bekuyiwini yokuqala kaZwane selokhu athatha izintambo ePhefeni.

“Angeke likuthande ibhola uma ungalihloniphi. Lokho kuyamkhulisa umdlali. Kuba lula ukululeka umdlali ohloniphayo.