Umqeqeshi we-Orlando Pirates uMandla Ncikazi uthi uselindele ukuzwa kubaphathi beqembu ngekusasa lakhe eqenjini njengoba sekuphele isizini bengaqobanga ngisho esisodwa isicoco.
IBucs igoqe isizini yeDSTV Premiership ngoMsombuluko ithola induku ka 2-0 eLucas Moripe Stadium ibhekene neSuperSport United. Lomphumela uqinisekise ukuthi iBucs iqeda iligi iyibambe endaweni yesithupha.
“Ikusasa lami alinqunywa kuleligumbi lokwamukela abezindaba. Ikusasa lami alinqunywa yimina, liphethwe omunye umuntu. Kufanele ngiwunambithe lomphumela ongemuhle. Sengiyobona ukuthi kuzolandela ini.
Lomphumela uyaphoxa. Abalandeli nezikhulu zeqembu azifanele ukuphoxeka ngalendlela. Lomphumela ubeke obala isizini yethu engabanga yinhle, kufanele kube khona ozoxolisa ngokuthi sibhacazile kulesizini. Angeke ngizame ukuchaza ngokuboza kwethu.
Sidlale kangcono kuneSuperSport, sakhanda amathuba angcono kodwa umphumela uhlukile kakhulu. Sishayiwe, sathola ngekhadi elibomvu, ngiphoxekile kakhulu.
Sihlulekile ukuphatha umdlalo, angeke sisole abanye abantu. Sikhande amathuba angcono kodwa iSuperSport iwashayile amagoli. Yilokho okungiphoxayo ngalomdlalo,” kubeka uNcikazi ekhuluma nabezindaba.
Ukuqeda endaweni yesithupha kuchaza ukuthi iPirates ayilubeki kwiCAF Confederation Cup ngesizini ka-2022/23. Izimbangi ezinkulu iKaizer Chiefs ziqede endaweni yesihlanu, ngaphezulu ngamaphuzu amabili kwiBucs engemuva.
“Ngifana neconsi elincane olwandle. Uyakwazi okulindelwe kuwe uma ungumqeqeshi, kufanele ufeze izibopho ozinikezwe yiqembu. Okucacile ukuthi sihlulekile ukufeza izibopho ebesibekelwe zona.
Ukuhluleka kwabadlali kubuyiswa kimi, angeke ngivike. Kufanele ngizigxeke mina,” kusho lomqeqeshi.