Sphamandla Gumede
Iqede ukuqagela ngesicoco seligi iReal Madrid egcine idle umhlanganiso kulandela ukuhlula iVillareal ngo 2-1 e-Alfredo Di Stefano Stadium ngoLwesine ebusuku.
Amagoli eMadrid ashaywe uKarim Benzema ngeziwombe ezahlukene, okumbeke emagolini angu-21 kule sizini ka-2019/20. IMadrid ibidinga amaphuzu amathathu ukuze izoba ompetha beLa Liga. Lokhu kuchaza ukuthi iLos Blancos isinqobe lendebe amahlandla angu-34 emlandweni wayo.
Iqembu elilele endaweni yesibili iBarcelona ikhale ngaphansi kwi-Osasunango 2-1 eCamp Nou, okuwumphumela oshabalalise wonke amathemba okunqoba iligi.
UJose Arnaiz ushaye igoli lokuqala lezihambeli ngesiwombe sokuqala. uLionel Messi ushaye igoli lokulinganisa leBarca kodwa i-Osasuna ibe seyishayela ispikili sokugcina ngegoli likaRoberto Torres ngesikhathi esengezwe unompempe esiwombeni sesibili.
IMadrid iqede isizini edlule iyibambe endaweni yesithathu yaphinde yashaya udaka emqhudelwaneni wezinkomishi iCopa Del Rey ne-UEFA Champipns League. Iqede isizini edlule ihlulwe amahlandla angu-12 kodwa isahlulwe kathathu kuphela kule sizini.
Umqeqeshi weMadrid uZinedine Zidane usewine izicoco ezimbili zeligi nali qembu njengoba wayegcine ngo 2016/17. UZidane ubuye kwiLos Blancos ngemuva kokuxoshwa kwabaqeqeshi ababili abashaye udaka kumasizini amabili adlule uJulien Lopetegui noSantiago Solari. Ngaphambi kokuqala kwesizini abaningi babekungabaza ukuthi angazilungisa izinkinga zaleli qembu kulandela ukubhuquziswa womkhaya i-Athletico Madrid ngo 7-3 kumdlalo wobungani.
Ekhuluma ngokunqoba lesi sicoco uZidane uthe wazisa iqembu lakhe kusaqala isizini ukuthii yisona asifuna kakhulu fuhi kumjabulisile ukusinqoba.
“Ngiyayibona iChampions League (aseyinqobe kathathu), kodwa iligi yaseSpain ishube kakhulu kunzima ukuyinqoba,” kusho uZidane.
UZidane nokapteni wakhe uSergio Ramos babonge ukuvalwa kwezwe eSpain abathe kubanikeze olunye ugqozi ngesikhathi sekubuya imidlalo njengoba bebuye behlose ukuqeda ngesicoco seligi.
“Kusisebenzelile ukuvalwa kwezwe, kwathi sekubuya sangazithela ngabandayo, emiqondweni yethu besingekho isikhala samaphutha kuyo yonke imidlalo” kuchaza uRamos.
“Okwenze umehluko ngemuva kwekhefu lokuvalwa kwezwe ngukuthi abadlali babuye belambile, ububona ukuthi kukhona abafuna ukukuzuza,” kunanela uZidane.
ILos Blancos izovakashela iLeganes emdlalweni wokugcina weligi ngeSonto ebusuku. IMadrid isalelwe ukuqedela umqhudelwano we-UEFA Champions League njengoba isazobhekana neManchester City ngo-Agasti emlenzeni wesibili we-last 16.