Ukuxabana kukaMoh Salah noJurgen Klopp kubeke ngokusobala ukuthi kunomoya wokungezwani ovunguzayo e-Anfield.

USalah noKlopp babonakale bephikisana ngesikhathi uSalah esengena ngomzuzu ka-79 kuphuma uLuis Diaz.

Lo mdlali waseGibhithe ubebukeka enganeme, kanti kuthe noma usuphela umdlalo wamziba uKlopp ojwayele ukungena enkundleni axhawule abadlali bakhe ngemuva komdlalo.

USalah uthe esedlule eduze kwabezindaba, ebuzwa ukuthi bekwenzenjani phakathi kwakhe noKlopp uvele waphendula wathi: “Uma ngikhuluma manje ngizobhekana nomlilo”.

Kungenzeka ukuthi lo mdlali ubenganeme ngokuqaliswa ebhentshini ekubeni iqembu belidinga ukuwina. ILiverpool ayina-win emdlalweni ewu-4 edlule kwiPremier League. Isisele ngamaphuzu amahlanu kwi-Arsnel esesicongweni, kusele imidlalo emithathu.