ITS Galaxy isimnikeze isikhathi esingamahora awu-24 uRulani Mokwena ukuthi ethule ubufakazi ngakusho ngomqeqqeshi wayo uSead Ramovic ngemuva komdlalo wayizolo kungenjalo izoxhumana nabameli bayo ngalolu daba.
Ngemuva komdlalo obuseLoftus Versfeld iSundowns ewunqobe ngo 3-0, uRulani uzwakalise izikhalo ngokudlaliswa kabi kukaBongani Zungu athe kwenziwe ngamabomu. Kuzokhumbuleka ukuthi uZungu waphula kabuhlungu uBernard Parker nyakenye, okwacasula abadlali abaningi beTS Galaxy ngenxa yendlela aziphatha ngayo ngemuva kwaleso sigameko.
Ekhuluma ngemuva komdlalo uRhulani uthe uSead Ramovic kufana nokuthi uthume abadlali bakhe ukuthi balimaze uZungu. “Umqeqeshi weqembu ebesidlala nalo ukhombise abadlali bakhe ividiyo yokulimala kukaParker wathi ‘ningakhohlwa ukuthi kwenzekani kuParker.”
ITS Galaxy isiyiphendulile inkulumo kaMokwena ngokuthi uhubhuza aluhlaza cwe.
“UMokwena uhubhuze amanga, futhi uhlaze umdlalo wethu, shiya ke iqembu alimele.
“Uma ewakholwa amanga akhe, sicela ethule ubufakazi emphakathini kumahora awu-24 alandelayo. Uma ehluleka ukukwenza lokho, sizosebenzisa ilungelo lethu kwezomthetho.”