Sesivelile isizathu sokushiya komqeqeshi oshaye into ecomekayo ngesizini edlule kwiBorussia Dortmund u-Eden Terzic.

Ngokwemibiko lo mqeqeshi waba nengxabano eshubile nesinye sezethenjwa zeqembu uMats Hummels okuthiwa wayemphikisa ngamaqhinga akhe ngaphambi komdlalo wamanqamu weChampions League neReal Madrid.

Ngokombiko wephephandaba laseGermany, kuthiwa kwadingeka ukuthi bahlukaniswe abadlali nabanye abasebenzi beDortmund ngesikhathi bephikisana.

Ngemuva kokusabalala kwezindaba ngempi yabo, uHummels ugcine ekuqinisekisile ephephandabeni iBILD ukuthi vele wayemphikisa ngamaqhinga. Lo mdlali uthe akayithandi indlela abagwaja ngayo uma bebhekene namaqembu amakhulu kunabo kwiChampions League nakwiBundesliga.

“Ngangicasukile ngoba nganginombono wokuthi iBorussia Dortmund akumele idlale ngale ndlela – ngisho ngabe kuthiwa sibhekene naliphi iqembu emhlabeni,” kusho uHummels.

“Ngase ngikhathele indlela esidlala ngayo. Ngangizizwa ngihlazekile enkundleni. Besidlalisa okweqembu elincane. Umdlalo yethu neStuttgart kanye nomdlalo wasekuhambeni neLeverkusen sasigqishe abadlali abawu-11 emuva.”

Ayehlanga kahle kuTerzic inkulumo kaHummels ikakhulukazi ngoba abaningi bebemncoma ngokufaka iqembu kowamanqamu weChampions League.

UHummels useyaziwa ngokungalali ephaseji uma kunento anganeme ngayo. Kuzokhumbuleka ukuthi wagxeka isinqumo sokungeni kwakhe esikwatini seGermany esingethe ama-Euro 2024.

NgoLwesihlanu ntambama iDortmund imemezele ukuthi uyashiya naye lo mdlali. Kulindeleke ukuthi ajoyine i-AC Milan noma iJuventus kwiSerie A.