Kubukeka esazoqhubeka nokupheka abagadli beManchester United uBenni McCarthy okuvela ukuthi ulungiselwa inkontileka entsha e-Old Trafford.
UBenni bese kukholwa ukuthi usumphelele umsebenzi kwiMan United njengoba abaningi bebekholwa wukuthi uyaxoshwa umqeqeshi u-Erik ten Hag. Abaphathi baleli qembu bagcine beqoke ukumgcina uTen Hag kulandela ukunqoba iFA Cup.
Ngokwemibiko yakamuva kuvela ukuthi i-United ifuna ikumnikeza inkontileka yeminyaka emithathu ezoba nemigomo nemibandela emisha.
Ukugcinwa kukaTen Hag kusho ukuthi naye usengaqala akhulume nabasizi bakhe ngokwelula izinkontileka zabo. Ngesikhathi ekhuluma ohlelweni lukaMarawa emasontweni amabili edlule uBenni waveza ukuthi uyayithanda iMan United futhi usengathanda ukuqhubeka ayisebenzele uma ifisa ukumgcina. Noma ewuthanda umsebenzi wakhe kwiRed Devils uBenni wakuveza nokuthi usafisa ukuba wumqeqeshi omkhulu eqenjini.
Benni McCarthy appreciation post ❤️#MUFC pic.twitter.com/pYlV92Y2sc
— Manchester United (@ManUtd) February 13, 2023
NgokweTimes Sports, iMan United ihlela ukwelula inkontileka kaBenni okungenani ngomunye unyaka ukuze aqhubeke nomsebenzi wakhe wokupheka abadlali abahlaselayo nokwakho ubumbano eqenjini phakathi kwabadlali.
Ingxoxo yakhe noMarawa yabeka ngokusoba ukuthi uBenni wayesekhaleni lezingxoxo ngesikhathi kuxabene uTen Hag noJadon Sancho.
UBenni kubongwe yena ngokusiza uMarcus Rashford abuyele efomini ngesizini edlule kanti kule sizini unconyiwe ngomsebenzi awenza nomgadli omusha uRasmus Hojlund.