Zamanteyi Nteyi

Sekuyinto ejwayelekile ukuthi uSigiya Ngengoma uqale uze uyophela kungadlalwanga ngisho nelilodwa iciko lesifazane. Uma kwenzekile wadlalwa usuke epikiwe.

Isibonelo nje, kulolu hlelo lokugcina mhla zingu 27 April 2024 uSigiya Ngengoma uvulwe ngoJikelele G, UBobo umfana wepiki, Abafana bakaMolo. Bathi besuka badlala uMfazomnyama.

Iciko lesifazane elicele ukufihlwa liphawulule kanje: “Lento eyenziwa wuKhozi FM ibulala umculo wethu futhi isiqeda amandla. Umculo siwukhipha mihla namalanga futhi siyawuhambisa oKhozini FM kodwa awudlalwa. Akubuyi ngisho impendulo. Sekucacile ukuthi uSigiya Ngengoma ngowokuthuthukisa abantu besilisa kuphela futhi abathile.”

Elinye iciko lesifazane lithe: “Okwethu kunzima kakhulu ngoba nasemicimbini yoMaskandi asiqashwa, kunalokho kuqashwa abantu ababodwa. Uma sibancane bekumele ngabe umculo wethu udlalwa njalo ngoba vele sibancane. Siyazibuza ukuthi uhulumeni uthule uthini uma ubona kusebenza amaciko awodwa kuyona yonke le micimbi, awesifazane engabonwa nangokhalo.”

Okhulumela uKhozi FM, uMmoni Seapolela uphendule kanje kulolu daba: “Akukona ukuthi siyacwasa noma sichemile kodwa iqiniso wukuthi umculo kaMaskandi uphethwe ngabantu besilisa futhi ugcwele bona. Siyayenza imizamo yokufukula abantu besifazane abacula uMaskandi kodwa akwenzeki ngoba bayindlala futhi asibatholi uma sibadinga. Siyawenza ama feature afana noSebenza Girl agxile kuwona amaciko esifazane kodwa sigcina sihluleka ngoba abatholakali.”

“Kumele kugqame ukuthi uKhozi FM ngeke lukwazi ukuxhumana nabaculi abangaziwa. Kulabo baculi abasithumelele umculo wabo sithi mabathintane nathi ngqo hayi nezintatheli. Umsebenzi wethu njengoKhozi FM wukuqhakambisa nokukhulisa umculo wamaciko,” kuchaza uMmoni.

“Siyanxusa ukuthi nezinye izinhlaka zilekelele ekuthuthukiseni nasekukhuliseni amaciko esifazane,” kusho uMmoni.