Abaphethe amafa enkakha yomculo weHip Hop, uTupac Shakur, sebeyalele umrepha uDrake ukuthi acishe iculo lakhe elisha afake kulo izwi likaMakaveli nge-Artificial Intelligence (A.I.) kungenjalo bazomyisa enkantolo.

UDrake kulezi nsuku uvika izinduku ngapha nangapha njengoba bezwana amandla kwi-rap omrepha baseMelika. Muva nje usempini noKendrick Lamar, kodwa usethole induku evela nakuRick Ross, kanti kubukeka bungasebuhle ubudlelwano bakhe nophrojusa uMetro Boomin ngokunjalo neciko leTrap uFuture.

UMetro, Future noKendrick bakhiphe ingoma namanje okusakhalwa ngayo njengoba uKendrick egadla kuJ.Cole nakuDrake kuyo, okuyinto abaningi abebengayilindele.

Uthe esephundula uDrake ngengoma ethi Taylor Made, wafaka izwi likaTupac nelikaSnoop Dogg kuma-vesi abhalwe nguyena ukuze kuzwakale sengathi uKendrick ungenwa abantu abukela phezulu kubo.

Umndeni kaTupac nokho usumkhuzile uDrake ngokudlalela ezitsheni ezifayo. Izolo ubhalelwe incwadi enikezwa usuku ukuthi acishe le ngoma kuzo zonke izindawo, noma asuse le ngxenye afake kuyo izwi likaTupac.