Ziyihambela kahle izinto iMK Party ekhishwe phambili namhlanje kwisicelo sayo sokuthi kuphikiswe isinqumo se-IEC sokuthi uMnuz Jacob Zuma angangeni ohlwini lwabantu abangavotelwa ukuthi baye ePhalamende.

IMK Party iphonsele i-IEC inselelo ngesinquno sayo sokuvalela ngaphandle uZuma ohlwini lwabantu abangavotelwa ukuthi baphathe izwe. Ibisebenzisa umthetho omdala wokuthi umuntu oseke wagwetshwa isikhathi esingangezinyanga eziwu-12 akavumelekile ukuba yilungu lephalamende.

Ngesikhathi elwa ngale ndaba u-Adv Dali Mpofu izolo uveze ukuthu lo mthetho ucindezela ilungelo labantu abafuna ukuvotela uZuma, kanye nelungelo likaZuma lokufisa ukuba wumholi.

Uthe akuwona umsebenzi we-IEC ukunqoba ukuthi obani abazoba amalungu ePhalamende, uthe lowo msebenzi usezandleni zalo iPhalamende uma esekhethiwe amalungu.

Izolo uZuma uveze nokuthi akabhekile ukuba wumholi ngegama kwiMK, kunalokho engasithatha esobumengameli uma abantu bakuleli bezovotela ukuthi abuyele kuleso sikhundla.

MK Party | Jacob Zuma | 2024 Elections