Owayengumengameli wakuleli uMnuz Jacob Zuma uthi akukho okuzomvimba ukuthi abe wumengameli wezwe futhi uma abantu beveza lokho ngevoti labo ngoMay 29.
UZuma ubekhuluma ngaphandle kwenkantolo eNkulu eGoli ngoMsombuluko kulandela ukulalelwa kwesikhalo sakhe ngokuvalelwa yi-IEC ohlwini lwabangavotelwa. I-IEC ngeledlule ithe uZuma ngeke akwazi ukuba yilungu lephalamende ngoba uke wagwetshwa izinyanga ezingaphezulu kuka-12, kodwa uZuma uyakuchitha lokho.
Njengoba esewumholi weMkhonto weSizwe Party, uZuma uthi uma abantu befuna abuyele kwesobumengameli akukho okuzomvimba ngoba wesula kwesobumengameli ingakapheli iterm yakhe yokugcina.
“Umfana waseNkandla akawaqedanga amahlandla akhe kwesobumengameli. Uma abantu bethi angibuyele, akekho ozongivimba. Bayakhohlwa ukuthi angiqedanga…kunezinti engisadinga ukuziqedela” kusho uZuma.
Ngesikhathi ekhuluma enkantolo enkulu ummeli weMK Party, u-Adv Dali Mpofu ume ephuzwini lokuthi uZuma akadonsanga isigwebo sezinyanga eziwu-12, kunalokho uhlale izinyanga ezintathu kuphela ngaphambi kokuthi aphume nge-remission. Uthe le-remission isho ukuphela kwesigwebo ezinyangeni ezintathu, uthi ukuthi wayegwetshwe izinyanga eziwu-15 akube kusasho lutho. Uqhube wathi i-IEC ayinawo amandla okunquma ukuthi wubani abantu abangamvotela ukuthi aye ephalamende noma cha, uthi lokho kusezandleni zamalungu ePhalamende, elisuke liqukethe abantu abavotelwe ukuthi bayomela abanye.
Namhlanje inkantolo enkulu izokhipha isinqumo odabeni lukaZuma ne-IEC.