Owayeyisishoshovu seFees Must Fall uBonginkosi Khanyile usekhululiwe esikhundleni sakhe sokuba yiNational Coordinatior yoMkhonto weSizw Youth League (MKYL), usezoba yilungu leqembu nje.
Encwadini eputshukile yasabalala ezinkundleni zokuxhumana namhlanje ekuseni, iMK Party ixoshe uKhanyile esikhundleni sakhe ngoLwesibili.

Bekungakapheli ngisho izinyanga eziyisithupha uKhanyile enikezwe lesi sikhundla kodwa umkhuba wakhe wokushipha kudliwa kuyacaca ugcine umqhathe nabaholi benhlangano.
Sekukuningi okushiwo uKhanyile ezinyangeni ezedlule okungehlanga kahle kubantu bakuleli. Waqala ngokuthi ukapteni wamaSpringboks uSiya Kolisi uphendula abantu abamnyama bakuleli izigqila zabelungu.
Ngenyanga edlule uthe uma lingafakwa igama likaMnuz Jacob Zuma ohlwini lwabantu abangavotelwa ngo-29 May ngeke lube khona ukhetho, okuyinkulumo egxekwa abaningi abanye baze bathi kumele ayihoxise.
Izolo iMK Party ikhishwe phambili kwisicelo sayo sokuphikisa isinqumo se-IEC sokungavumeli uZuma ukuthi abe sokhethweni.