Noma isada kuqala isizini yeDStv Premiership, ngicela ukuncoma ibhola elihle elidlalwa ezami, Abafana Bes’thende, abaphekwa wuVusimuzi Vilakazi noMabhuti Khenyeza.

Ngiwubuke kancane umdlalo wabo neSwallows ophele ngo 1-1, kodwa engakuqapha kulo mdlalo wukuthi i-Arrows iyayazi indlela ebheke epalini futhi izodlala ingcwenga yebhola kule sizini uma iqhubeka ngaleli giya.

Nangempela ibuye naphelele ibhekene neRichards Bay FC, iyidla ngo 2-1, kodwa benginganakile amagoli ayo kuphela, indlela yokudlala kwi-Arrows icacile. Umdlali ngamunye uyawazi umsebenzi wakhe futhi kunabadlali obabonayo ukuthi sebemnkantshubumvu njengoNduduzo Sibiya (osewukapteni).

URyan Moon (26) noKnox Mutizwa nabo baqhubeka ngegiya abavale ngalo isizini edlule. UMoon ushaye amagoli amahlanu kuphela ngesizini edlule kodwa ngeke ngithuke uma engasondela kwayishumi kule sizini uma i-Arrows izoqhubeka nokudlala ngale ndlela. Emdlalweni wokuqala yakhe ishayele unozinti weSwallows izikhawu eziwu-18, kowesibili ishayele unozinti we-Bay izikhawu eziwu-14.

Esiswini uVelemseni Ndwandwe ubukeka ezoba nesizini yokubukwa.

Angisho ukuthi ngithini kodwa ngiyibona iqeda kwitop 8 i-Arrows.

Kuloba uThangithini Madlala eMbilo

Nawe ungasithumela umbono wakho nge email ku-gibelasport@gmail.com