Sawubona Mhleli.
Uma sikhuluma ngeMamelodi Sundowns sikhuluma nge-combination yabadlali abasezingeni iningi labo. Yebo bakhona abangekho ezingeni okungelula futhi ukubabona ukuthi abekho ezingeni ngoba baphakathi kwabadlali abasezingeni lokho uyakubona uma ungumuntu olandela ibhola ngokuliqonda kodwa la kuvela khona kahle ila khona engasekho kwiSundowns, sekumele umsebenzi wokuthwala iqembu ubanjiswane nabanye abadlali.
Noma kungathathwa noma ubani azoqeqesha abadlali beSundowns akukho okungamhlupha, engawina. Badlala kakhulu ibasic football, into ehlula amaqembu adlala kwiDStv Premiership.
Into engiyincoma ngababadlali beSundowns ukuthi bayawenza umsebenzi wabo njengoba bazi ukuthi abadlali abasezingeni kumele bebe nerekhodi elihle. Ubona ngisho indlela abayifuna ngayo iwin uma bengena enkundleni, bayazimisela bonke. Uma likubo ibhola wonke umuntu uba sendaweni enhle yokuthi enganikwa ibhola, kunyakaza wonke umuntu uma beliphethe. Ngoba ukunyakaza kanjalo kwawo wonke umuntu kwenza umsebenzi ubelula kulo ophethe ibhola, amanye amaqembu awakwenzi lokho.
Abaqeqeshi beSundowns mncane kakhulu umsebenzi wabo ngoba laba bantu akekho noyedwa umdlali obamkhulisile baveza ithalente lakhe elicashile. Esikhathini esiningi bafuna abadlali asebevuthiwe noma akube umdlali onethalente nje lokuzalwa. Ubufakazi bonke behluleke bancana kumateam angaphambilini bezimele lakhona engicabanga ukuthi kwakumele bekuveze lapho ukuthi banohlonze kanjani. Umqeqeshi engisamuvuma uPitso, imuva lakhe likutshela kangcono ngaye ngoba kwayona iSundowns la ikhona yingenxa yendlela ende ehanjwe nguye ehlanganisa kwaze kwaphuma lento esiyibona namuhla. Well done to him.
Limnandi ibhola singakhuluma kushone ilanga, uBongani Myeni lo kwaNongoma, shabhuke.
________________________________________________________________________________________________________________
Umbono ongenhla uthunyelwe wumlandeli weGibela Sport, akuwona umbono wethu. Nawe ungasibhalela uthumele umbono wakho nge-email: gibelasport@gmail.com