Sawubona mhleli

Ngicela ukubeka ukubeka uvo lwami mayelana neqembu engililandelayo i-Orlando Pirates.

Ngidumele ngendlela elihluleka ukuqoqa amaphuzu ngayo, kodwa ngokwami ngibona umqeqeshi kanye nethimba lakhe behluleka ukwenza umsebenzi ngendlela. Empeleni iPirates alukho uhlobo lomdlali engenalo, kahle kahle iphelele.

Ayikho into engangithokozisa njengokubona umqeqeshi eshenxela nganxanye anike abanye ithuba , ngyabonga.

Kuloba uSkhu Ngongoma eMbilo.

________________________________________________________________________________________________________________

Umbono ongenhla uthunyelwe wumlandeli weGibela Sport, akuwona umbono wethu. Nawe ungasibhalela uthumele umbono wakho nge-email: gibelasport@gmail.com