Kulindeleke ukuthi amenyezelwe njengomgadli omusha weManchester United lingakapheli leli sonto umdlali waseNetherlands, uWout Weghorst.
IMan United ithungatha umgadli kuleli windi kulandela ukunqamula inkontileka kaCristiano Ronaldo osedlalela i-Al Nassr eSuadi Arabia.
Umqeqeshi weRed Devils, u-Erik ten Hag, kuvela ukuthi uzimisele ngoWeghorst oshaye amagoli amabili kwiNdebe Yomhlaba eQatar. Lo mdlali obolekiswe kwiBesiktas esuka kwiBurnley, ubesevalele amagoli awu-8 kwimidlalo ewu-16 kule sizini.
Ngokombiko weThe Athletic, iMan United isivumile ukukhipha isamba esiyisinxephezelo kwiBesiktas ebikhalaza ngokuthi inenkontileka ephela uma kusongwa isizini nalo mgadli.
Ngokombiko weFanatik yaseTurkey, uWeghorst usepakishile wahamba futhi akekho esikwatini seBesiktas esizodlala kule mpelasonto.