Umqeqeshi waMaZulu FC uRomain ‘Fohloza’ Folz ugcine ewunqobile umdlalo wakhe wokuqala eqeqesha kwiPSL ezakhe zishaya iStellenbosch FC ngo 1-0 eKing Zwelithini Stadium ngeSonto.
USuthu lunqobe ngegoli elivalelwe wuLarry Bwalywa ngomzuzu ka-31.
“Wonke umuntu uzinikelile namhlanje. Besingadlala kangcono kodwa sidlale kahle. Kunezinto asebezenza kangcono enkundleni engifuna ukuzibona. Bekusifanele ukunqoba namhlanje, kodwa sisazowuhlaziyo umdlalo ukuze sibe ngcono ngaphambi komdlalo wethu olandelayo,” kusho uFolz ekhuluma nabezindaba ngemuva komdlalo.
Ngalo mphumela AmaZulu akhuphukele kunombolo 7 kwilog yeDStv Premiership. Bekungokokuqala enqoba emdlalweni ewu-9.